Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-586b7cd67f-g8jcs Total loading time: 0 Render date: 2024-11-29T19:36:06.097Z Has data issue: false hasContentIssue false

15 - UShaka kaSenzangakhona

Published online by Cambridge University Press:  01 September 2022

B. W. Vilakazi
Affiliation:
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Get access

Summary

“Uteku lwabafazi bakwaNomgabi,

Betekula behlezi emlovini,

Bath’ uShaka kakubusa, kakubaNkosi,

Kant’ ilaph’ ezakunethezeka.”

Mina we mlisa wansondo!

Ngaze ngonda ngamicondo

Ungilibazise ngeze.

Ngiboshw’ ukuba ngifeze

Inkondlo yethole lika –

Phunga noXab’ elafika

Ngokubelethwa yilanga,

Lanceliswa inyanga,

Khona liyofun’ umkhondo

KaZulu liye kwaMpondo.

Mina wena mlisa ndini!

Ngaze ngancipha yinsini

Ngiphethwe yimicabango

Engibangela iphango.

Nginikez’ ibheshu lami

Namasakabula ami.

Unginike nank’ umkhonto

Ngiqal’ ukubong’ imikhonto

Egwaz’ ezinhlangothini

Zamaz’ olwandl’ ogwini.

Ngangingalibonga njani

Ichib’ elikhany’ umbani,

Uma ngangingazalwanga

Ngihuqwe ngalezi zinhlanga

Zohlanga lwemxel’ emnyama,

Ezaboph’ inkos’ uJama,

Zaphonseka nakuShaka

Odl’ isikhulu nesichaka,

Washis’ ihlathi nekhwani

Nenkomo? Kaz’ uyodlani?

Wena Shaka obufana

Nezazi zanamhlanjena,

Ulwa noqhekeko lwezwe;

Ovimb’ endlelen’ ekhwezwe

Phezu kweklwa namawisa.

Waw’ uZwide eziwisa

Ngokuziqhayisa phezu

Kwakho. Wawa izingcezu,

Namalandel’ axabana

Kuhle kukaMatiwana.

Wakh’ umuz’ iDlayangubo.

Wakh’ amabutho ngehubo,

Nezomndlunkulu wakhetha,

Ukheth’ intomb’ uyiletha.

Kakhulu kangakanani

Lokh’ unyoko eyinkani

Ngobuhle nokuzazisa,

Ngonwele insizw’ eyidlisa.

Kwakukhon’ ezinonwele

Lulude njengolwamawele.

Uban’ owakh’ umndlunkulu

Wawuphendul’ isisulu

Sokuhlobis’ inxuluma

Nokubongel’ imp’ iphuma?

Ingani wawubuthela,

Waqoqa ngokunqwabela

Izigaba ngezigaba

Zokwakh’ umuzi nenqaba

KaDukuz’ umuz’ omkhulu

Laph’ ulele khona, Zulu.

Kwakuthi ma uqhamuka

Laph’ uMfolozi wahluka

Uphothan’ emahlathini,

Ubon’ if’ ezigcakini

Ezimhlophe zenhlabathi

Lapho amabuth’ abethi

Dlangalal’ ezigiyela,

Enz’ indlamu yokweshela,

Ewa kungath’ ayephuka

Nendingi yokuguquka.

Laph’ uzibon’ izintombi

Zihamba zingasakhombi,

Zibhincele ngasokhalo,

Zibukela isiqalo

Sendlela yazo yothando

Lolu olungenamlando,

Ngoba wena Thol’ eleqa

Phezu kwamany’ uwaheqa,

Kukhul’ okwazi ngentombi

Ungayilumbi ngekhambi!

Zazibuka ngonyembezi

Olupheth’ izinkanyezi

Lapho sekusa sezidweba

Ngemishoshonon’ eqhweba

Iso kodwa lingebambe

Nendlela yay’ ingehambe.

Zazigcob’ amakh’ amnandi

Noseng’ olungenamkhandi,

Zimbuke kwehl’ unyembezi

UShaka phakath’ ehlezi.

Um’ intombi zahluleka,

Izinsizwa zithandeka,

Wawuyiphaka-ke Shaka,

Ishay’ uphond’ iyokaka

Amadlambi asolwandle,

Eqaphaz’ iklay’ amanzi

Izehlukanisa banzi.

Babegiya bephonseka

Bagwaze kuye kofeka.

Obabamkhulu baphela

Ngobuqhawe bokufela

Wena Manqindi kaZulu.

Nathi namhla sizithulu,

Sikhombisan’ amaxoxo

Ezinsizwa zezicoco

Ezagwinywa imikhomo.

Zaf’ imizi nezinkomo

Zidl’ insinde kaMavela,

Zalandel’ oMalandela.

Sezivile lezi nsizwa.

Zith’ izindab’ uma sizwa:

Zachith’ umuzi kaKhumalo

Wadwengula izinkalo

Eqondis’ entshonalanga

Lapho amaBhun’ amkhanga;

Wawaqhwag’ izinkabi,

Zalandw’ engakazihlabi.

KwaBulawayo wabizwa;

Way’ ungenakuchithizwa.

Kwachithek’ oSoshangana

KwaGasa, bayohlangana

Nezwe lamaPutukezi,

Laph’ izizwe zazihlezi

Zingahlushwa ubusuku;

Laph’ izigi zezixuku

Nokukhala kwamahawu

Kuxubene nobuhawu,

Kuhawuz’ abagwazana

Nabalwa bebulalana.

Type
Chapter
Information
Inkondlo kaZulu , pp. 57 - 68
Publisher: Wits University Press
Print publication year: 2021

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure [email protected] is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×