Book contents
- Frontmatter
- Okuphakathi
- Isingeniso
- Introduction
- 1 Ugqozi
- 2 Imbongi
- 3 Umthandazo Wembongi
- 4 OKomhlaba Kuyadlula
- 5 Imfundo Ephakeme
- 6 Wo, Ngitshele Mntanomlungu!
- 7 Yin’ Ukwazi?
- 8 Wo, Leli Khehla!
- 9 Ukuhlwa
- 10 Inyanga
- 11 Ukuthula
- 12 Nayaphi?
- 13 Ngoba ... Sewuthi
- 14 Izinsimbi zesonto
- 15 KwaDedangendlale
- 16 Imifula Yomhlaba
- 17 UMamina
- 18 NgoMbuyazi Endondakusuka
- 19 Ezinkomponi
- 20 Sengiyakholwa
20 - Sengiyakholwa
Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
- Frontmatter
- Okuphakathi
- Isingeniso
- Introduction
- 1 Ugqozi
- 2 Imbongi
- 3 Umthandazo Wembongi
- 4 OKomhlaba Kuyadlula
- 5 Imfundo Ephakeme
- 6 Wo, Ngitshele Mntanomlungu!
- 7 Yin’ Ukwazi?
- 8 Wo, Leli Khehla!
- 9 Ukuhlwa
- 10 Inyanga
- 11 Ukuthula
- 12 Nayaphi?
- 13 Ngoba ... Sewuthi
- 14 Izinsimbi zesonto
- 15 KwaDedangendlale
- 16 Imifula Yomhlaba
- 17 UMamina
- 18 NgoMbuyazi Endondakusuka
- 19 Ezinkomponi
- 20 Sengiyakholwa
Summary
Sengiyakholwa ukuthi sewafa,
Ngoba noma ilanga liwukhanyis’ umhlaba
Ngibon’ ekusen’ izilwane ziklaba,
Ziziphunga ngamashob’ anenhlali,
Emhloph’ okwezinkomazi zakith’ eMhlali,
Nokho sengike ngabona kuhlw’ emini.
Sengiyakholwa ukuthi sewafa,
Kwangihlwel’ emini ngoMandlakayise.
Ngabe ngiyathe ngincenga bangiyise,
Bangithela ngamanz’ ezinyembezi,
Ngambon’ elele bengakamembesi.
Ngalibon’ iphupho liz’ emini.
NangoNomasomi kwabanjalo.
Izinkanyezi zamehlo zacimeza,
Wabanda wehlulw’ ukuzifudumeza.
Mina ngema ngaqhaqhazela izingalo
Ngilunguz’ ubuso bakhe buhwelela,
Nobuhle benqaba bangifiphalela.
Ngingekholwe kanjan’ ukuthi sewafa
Um’ umgwaqo wakho uvulekile,
Ngibon’ iminyaka yonk’ ubhudulekile?
Wema kungathi wahamba umnyang’ uvuliwe
Khon’ abanye beyophuma seng-
athi badiniwe,
Kanti sebelandela wena bangabuyi.
Ababuyi, wena weqhawe laseMzwangedwa.
Bavalelisa ngime bangishiye ngedwa.
Abanye ngibabeke kwaGulukudela,
Lapho umnyama uthule ubagubudela;
Abanye ngibatshala eMhlathuzane,
Lapho befukanyelw’ izikhukhukazana,
Ngoba ngizw’ insimbi yengelos’ incencetha,
Ibavus’ ekuseni beyokhuleka baqenqetha.
Ngibabon’ ilanga ezansi libomvu,
Ngababona lisemagqumen’ ezibomvu.
Izibomvu ezansi noMhlathuzane
Ngizibonile zikhanya ziphikisana.
Ngalalela phansi komthomb’ omkhulu
Lapho kulel’ uFrans’ ubabamkhulu,
Ngezw’ izwi lithi: “Shayan’ ingelosi
Ebusika nasehlobo ikhal’ ingalingozi!”
Kanjalo sengidelil’ ukuthi sewafa,
Ngoba ngibona kimi kuqothuk’ ekhanda
Izinwele zobusha, izimvu zingikhanda,
Zinginik’ ukuzotha nophawu lobudala
Engalubona kuwe uyimpung’ usukhathala.
Emva kwalokho waya ngokuya ushabalala,
Nami ngaya ngikubona kancan’ unyamalala.
Namuhla sengiyakholw’ ukuthi sewafa,
Ngoba kwaButhongo ngiyakubona
Uza nenhliziy’ enokuphola,
Ungiweza ngamasango namazibuko
Obuhlakani nezindlela zenkalipho;
Nodondolo lwakho ngiluzwa lugqula
Phambi kwamehl’ ami ngingakuboni.
Nginjengempumputhe ngamehl’ omzimba.
Yebo, manje ngiyakholwa sewafa,
Wanyamalal’ ungunaphakade.
- Type
- Chapter
- Information
- Amal’ezulu , pp. 81 - 83Publisher: Wits University PressPrint publication year: 2021