Book contents
- Frontmatter
- Okuphakathi
- Isingeniso
- Introduction
- 1 NgePhasika
- 2 Inkelenkele yakwaXhosa
- 3 Ukhamba lukaSonkomose
- 4 We moya!
- 5 Inqomfi
- 6 Impophoma yeVictoria
- 7 Woza Nonjinjikazi!
- 8 Khalani maZulu!
- 9 Umcabango wasekuseni
- 10 Sengiyokholwa-ke
- 11 Cula ngizwe!
- 12 Ma ngificwa ukufa
- 13 Ngizw’ ingoma
- 14 Ithongo lokwazi
- 15 UShaka kaSenzangakhona
- 16 Ngomz’omdaladala kaGrout
- 17 Phezu kwethuna likaShaka
- 18 Aggrey we-Afrika
- 19 UNokufa
- 20 Isenanelo eminyakeni engamashumi mahlanu
- 21 Wena-ke uyothini?
4 - We moya!
Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
- Frontmatter
- Okuphakathi
- Isingeniso
- Introduction
- 1 NgePhasika
- 2 Inkelenkele yakwaXhosa
- 3 Ukhamba lukaSonkomose
- 4 We moya!
- 5 Inqomfi
- 6 Impophoma yeVictoria
- 7 Woza Nonjinjikazi!
- 8 Khalani maZulu!
- 9 Umcabango wasekuseni
- 10 Sengiyokholwa-ke
- 11 Cula ngizwe!
- 12 Ma ngificwa ukufa
- 13 Ngizw’ ingoma
- 14 Ithongo lokwazi
- 15 UShaka kaSenzangakhona
- 16 Ngomz’omdaladala kaGrout
- 17 Phezu kwethuna likaShaka
- 18 Aggrey we-Afrika
- 19 UNokufa
- 20 Isenanelo eminyakeni engamashumi mahlanu
- 21 Wena-ke uyothini?
Summary
Ngiyathand’ ukuzizwela
Ukunyenyeza komoya
Phezu kwendwang’ enoboya,
Buwa ngala, buziwela.
Ngiyafisa ukubona
Leyo ndod’ ephefumula
Kunyakaz’ ihlathi lona
Limahlamvu khazimula.
Ngiyalangazel’ ithuba
Lapho ngiyokukubamba,
Ngifisa ukukuphamba,
Ngiqonde ukukukhuba.
Ngibe ngisangen’ endlini,
Ngikuzw’ uthint’ ezintini
Nangaphandle etshanini.
Woza moya laph’ ukhona,
Angiyaz’ indawo yakho
Ngifisa ukwakha kwakho,
Ngibe sengiyakubona.
Woz’ ilanga liphumile
Kumnandi phezu kweganga
Laph’ amandl’ akh’ egxilile
Njengemizi yamaNganga.
Woza sizothele wena
Ngokuzwa izinxanelo
Ezivel’ ekhaya lelo
Eliqeda ukwenqena!
Ngizw’ izinkulumo zakho
Zingiph’ ubuthongo bakho
Nenjabul’ okungeyakho.
Laph’ umphefumulo wami
Uphelelwa abangane,
Ihlamuka njengekhwane
Nemihlobo yonke yami.
Ngibe ngisaphume phandle
Wen’ unamathele kimi,
Nodlebe lwami lukhandle
Imisindo engacimi.
Iliwozawoza njalo
Yehla ngazo zonk’ izinkalo
Sengathi kayinasiqalo.
Uw’ esizwa ngaw’ iconsi,
Sinuk’ iphunga lamakhabe
Ephakathi kwezigabe –
Lamazele nelebhonsi.
We moya! Leth’ ukukhanya
Kwenhliziyo yam’ enhlanye
Ngife kanye nawe kanye.
- Type
- Chapter
- Information
- Inkondlo kaZulu , pp. 15 - 18Publisher: Wits University PressPrint publication year: 2021