Book contents
- Frontmatter
- Okuphakathi
- Isingeniso
- Introduction
- 1 NgePhasika
- 2 Inkelenkele yakwaXhosa
- 3 Ukhamba lukaSonkomose
- 4 We moya!
- 5 Inqomfi
- 6 Impophoma yeVictoria
- 7 Woza Nonjinjikazi!
- 8 Khalani maZulu!
- 9 Umcabango wasekuseni
- 10 Sengiyokholwa-ke
- 11 Cula ngizwe!
- 12 Ma ngificwa ukufa
- 13 Ngizw’ ingoma
- 14 Ithongo lokwazi
- 15 UShaka kaSenzangakhona
- 16 Ngomz’omdaladala kaGrout
- 17 Phezu kwethuna likaShaka
- 18 Aggrey we-Afrika
- 19 UNokufa
- 20 Isenanelo eminyakeni engamashumi mahlanu
- 21 Wena-ke uyothini?
11 - Cula ngizwe!
Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
- Frontmatter
- Okuphakathi
- Isingeniso
- Introduction
- 1 NgePhasika
- 2 Inkelenkele yakwaXhosa
- 3 Ukhamba lukaSonkomose
- 4 We moya!
- 5 Inqomfi
- 6 Impophoma yeVictoria
- 7 Woza Nonjinjikazi!
- 8 Khalani maZulu!
- 9 Umcabango wasekuseni
- 10 Sengiyokholwa-ke
- 11 Cula ngizwe!
- 12 Ma ngificwa ukufa
- 13 Ngizw’ ingoma
- 14 Ithongo lokwazi
- 15 UShaka kaSenzangakhona
- 16 Ngomz’omdaladala kaGrout
- 17 Phezu kwethuna likaShaka
- 18 Aggrey we-Afrika
- 19 UNokufa
- 20 Isenanelo eminyakeni engamashumi mahlanu
- 21 Wena-ke uyothini?
Summary
Cula ngizwe Moya,
Khona ngizolala sengozela,
Ngoba ngibona kuqhaqhazela
Imith’ eluhlaza!
Ngichazele ngezimangaliso
Nangobuhle nezifanekiso
Nangothand’ olusha
Noludal’ olungenamongo,
Nokuthul’ okunjengobuthongo
Bungizume phansi.
Inhliziyo yam’ izokwethaba,
Ukuqaqamb’ okunokwesaba
Kuyawuthiy’ umqondo.
Ngilethel’ ukuzotha kokuhlwa
Okuphazanyiswa nje ngumuhlwa
Uququd’ udonga.
Cula ngizwe Nyoni,
Phansi kwalawo magatsh’ amnyama,
Khon’ umphefumul’ uzokweyama
Emazwini akho!
Mangibe njengophoswe ngekhubalo
Bese ngilala phezu kwengalo,
Ngizunywe buthongo.
Ngifis’ ukukhohlwa yizinhlungu
Zezifo, nezwe nayisizungu
Sokusala ngedwa.
Cula leyo ngom’ engenamagama
Njalo ma lethwes’ inyang’ ovama
Ukuyivungama!
Kayinamunt’ ongayihumusha
Engesidawan’ esihumusha
KuNomkhubulwane.
Cula ngizwe Mbali,
Ingoma yothando nezinyosi
Nenkondlo yamanzi namaconsi
Ew’ emhlabathini!
Vul’ amehlo ngibon’ izindebe
Zamaphethel’ akho, zihlebe
Imfihlo yothando olusha
Olufana nolwezinkanyezi
Zilinde bonk’ ubusuk’ ikhwezi
Elibik’ ukusa!
Ngenjabulo engenasiqalo,
Zisukume zishiy’ ubuhlalu
Bazo etshanini.
Bheka, nant’ ilanga likhanyisa
Namazolo liwacoshisisa,
Kuvuk’ izimbali.
Cula leyo ngom’ engenamagama,
Wena Moya nawe Nyon’ ekhala
Itshiloza phansi kwemibala
Yezimbali ezingenamagama!
- Type
- Chapter
- Information
- Inkondlo kaZulu , pp. 47 - 50Publisher: Wits University PressPrint publication year: 2021